Islamic Information Centre

  • Increase font size
  • Default font size
  • Decrease font size
Home

UMvelinqangi ongabonwayo

E-mail Print PDF

UkuKholelwa kuMvelinqangi ongabonwayo

 

Isisekelo sokholo lwe-Islam ukuthi uMvelinqangi munye kuphela, ongabonwayo ongumdali wakho konke. Sithola yona lenqubo eyinqikithi ngoMvelinqangi enkolweni yendabuko yama-Afrika. Ngempela umlando ungubufakazi bokuthi abantu base- Afrika babenobuciko futhi bephiwe ubuchwepheshe bokuqopha nokubaza imifanekiso ngamatshe, ngobumba nokunye. Okuthokozisa kakhulu nokuncomekayo ukuthi asikaze sizwe ukuthi bake bazenzela umfanekiso ka Mvelinqangi.

 

Lokhu kusinika isithombe esibalulekile ngabantu base- Afrika kusukela emandulo, uma siqhathanisa abantu base-Afrika nalabo abasemazweni ayaziwa ngokuthi aphucukile njenge Roma, Greece kanye neNdiya. Abantu bakulamazwe bazenzela imifanekiso, nezithombe bethi imifakiso kankulunkulu wabo, ezinye ziqhoshwe ngamatshe! Abantu bomdabu base-Afrika abakaze bakwenze lokhu. Kusukela emandulo babekholelwa ekutheni uMvelinqangi munye, ungunaphakade, uzimele, akazali futhi akazalwanga, akukho lutho olungalinganiswa naye, futhi akukho lutho olungafaniswa naye. Okufana nemfundiso ye Kuran isahluko sika 112.

Abomdabo e-Afrika bayayiqala inkolelo yokuthi uNkulunkulu wehlela emhlabeni ngesimo somuntu.

Ubudlelwano obutholakala enkolweni ye-Islam nenkolo yendabuko yesintu yiyo ebangela ukukhula nokudlondlobala kwenkolo ye-Islam ezwenikazi lase-Afrika

UMvelinqangi wathumela abaphrofethi kuzo zonke izizwe

Izimfundiso ze-Islam ngokweKurani ukuthi uMvelinqangi wathumela abaPhrofethi kuzo zonke izizwe. Kuyinkolelo yamaMuslim ukuthi nase-Afrika bathunyelwa abaphrofethi.

Umvelinqangi akakhethi ngokwebala

IKurani iyasicacisela ukuthi uMvelinqangi akakhethi futhi akachemile ngokwebala noma ngobuzwe, kepha umuntu usondola kumdali ngezenzo zakhe ezinhle nangokulunga kwakhe.

Uthi umdali kwiKurani:

“Sintu! Sanidala ngembewu yozalo lomuntu oyedwa owesilisa nowesifazane sabe sesinenza izizwe nezinhlanga ezahlukene ukuze nikwazi ukwazana (hayi ukubukelana phansi) Iqiniso ngukuthi ongcono emehlweni kaMvelinqangi ilowo omesabayo umdali kini. Isahluko 49: 13

.

 

Subscribe to IIC Newsletter










sms_logo

Hijri Date - SA


Grave Register

Stanger Graveyard

Please update the names of your deceased family/friends in the Register that is available at the graveyard. The Register is mounted on the wall of the building.